Iphethe kabi ingxabano yabafana besikole kudutshulwa oyedwa

2017-09-15 11:00

Johannesburg - Iphenduke yaba muncu kakhulu impi yabafana baseLenasia kudutshulwa umfundi amahlandla amathathu.

UShuaib Ismail, 17, okuthiwa udutshulwe ngesibhamu sohlobo lwe-pump-action edutshulwa yizelamani ezimbili, usesimweni esibucayi esibhedlela.

UShuaib nabangani bakhe ababili bebephuma esikoleni khona kule ndawo ngesikhathi behlangana nomunye umfana nomngani wakhe behleli emotweni ngaphandle kwesikole.

Umngani kaShuaib, uNgoako Ramafolo, uzithole esebuzwa yilaba bafana ukuthi ubabukani, nokuyilapho iqale khona ingxabano.

"Bangibuze ukuthi ngibabukani, ngababuza nami ukuthi kanti ababukwa yini. Kube sekuphuma oyedwa emotweni wangiphusha, kodwa angizange ngilwe naye, ngivele ngamubuka nje saqhubeka nohambo lwethu," kusho uNgoako.

Uthi baqhubeke nendlela yabo nabo behamba ngeyabo imoto. Ngesikhathi befika ekhaya lomunye wabangani babo, nalaba abanye abafana bababone sebema ngemoto emuva kwabo.

OLUNYE UDABA:Owezemfundo uvakashele umndeni womfana obulewe ngabanye

"Kuphume umfowabo omdala walo mfana ebengixabana naye wangibuza ukuthi kungani ngilwa nomfowabo, wabe esengishaya ngesibhakela," kulandisa uNgoako.

Uthi ngesikhathi esalwa nalo oyedwa, umfowabo ukhiphe isibhamu wadubula yonke indawo.

"Yilapho kudubuleke khona umngani wami uShuaib, kodwa angizange ngibone ngaleso sikhathi, kanti umama kamngani wami uzamile ukubamba lo obedubula," kuqhubeka yena.

Uthi uvule icala lokuzama ukubulala emaphoyiseni aseLenasia, kubika iphephandaba i-The Star.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.