Iphethe kabi sekudutshulwana ingxabano yomakhelwane

2016-11-04 19:30

Springs U-Alex Mashaba ubecabanga ukuthi isiphelile ingxabano kodwa uzithole esevika izinhlamvu.

UMashaba, 41, ohlala emijondolo yase-Everest, eSprings, Ekurhuleni, utshele abe- Daily Sun ukuthi inkinga yaqala ngesikhathi umakhelwane wakhe emsola ngokuthi bamncisha amanzi.

"Akanayo impompi egcekeni lakhe, yithina esinayo. Uyathanda ngokusibiza ngamaga ethi singamashangane abuye athi singamakwerekwere sinuka namakhwapha kumele sibuyele emakhaya,"kusho u-Alex.

Uthi wayengazinaki izinkulumo zikamakhelwane wakhe ngoba wayehlezi emthuka njalo.

"Samtshela ukuthi angeza azokha amanzi noma inini uma ewadinga futhi wayethuma umfana wakhe ukuthi azowakha. Yize kunjalo wayehlezi ememeza ukuthi sithatha isinto zabantu bakuleli.

Lo mlisa uthi isimo sasisibi kangangokuthi kwabizwa umhlangano wekomidi lapho kwatshelwa khona lomakhelwane ukuthi akathole enye indawo yokuhlala futhi axolise kumakhelwane wakhe.

OLUNYE UDABA:Ugwetshiwe owabulala umakhelwane emsolwa ngokuthakatha

U-Alex uthi ubecabanga ukuthi seziphelile izinkinga zakhe nomakhelwane onguvovoluyakhipha kanti lutho.

Lo makhelwane wabuya namaphoyisa ngoMgqibelo ebusuku abatshela wonke umuntu ukuthi bathule bathi du kungenjalo bazobabulala.

Uthi kuvele kwashintsha isimo amaphoyisa esemshaya ngempama naye waziphindiselela, livele ladinwa kakhulu iphoyisa lavulela ngenhlamvu.

Bazamile ukubaleka, kodwa u-Alex udubuleke emlenzeni kanti omunye umakhelwane wakhe yena udubuleke esifubeni.

Kulamula amanye amalungu omphakathi ashaye amaphoyisa ngamatshe aze ahamba esesabela impilo yawo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.