IPhini likaMengameli kade lakuhlelela ukukhishwa kukaMugabe - Umbiko

2017-11-16 19:27

Harare – Lowo owakhishwa esikhundleni sokuba yiphini likamengameli waseZimbabwe, u-Emmerson Mnangagwa, sekunesikhathi ehlela namasosha kanye namaqembu aphikisayo ngazokwenza uma sekuphume uMengameli Robert Mugabe esikhundleni, ngokombiko wezobunhloli, kubika iReuters.

Ukubuya kukaMorgan Tsvangirai eZimbabwe ngoLwesithathu kubhebhethekise amahlebezi okuthi uhlelo luhamba ngendlela, kusho umbiko.

Imibiko yangoLwesine iveza ukuthi uMnangagwa ubelokhu ehlela ukwenza ushintsho kuhulumeni kanti futhi uhulumeni omusha uzohlanganisa namaqembu aphikisayo.

OLUNYE UDABA: Sizinzile isimo eZimbabwe - Umbiko

"UMnangagwa kulindeleke ahlanganise uhulumeni omusha ozobusa iminyaka emihlanu, ngemuva kwalokho izwe liye okhethweni,” kubika iFinancial Gazzette, ecaphune umthombo wayo osondelene nalolu daba.

Kuthiwa ngokohlelo lwamasosha, uMnangagwa uyalelwe ukuba asebenzele ukubuyisa ukusebenza komthetho nokukhulisa noma ukuzinzisa umnotho.

UMugabe unikezwe ithuba lokuba kuxoxiswane ngokuphuma kwakhe esikhundleni, wathenjiswa nezinto ezifana nokuthi uzoqhubeka nokugadwa nguMbuso yena kanye nomndeni wakhe, ngokombiko.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.