Iphoxekile iBafana abalandeli bengalibhadi ezinkundleni

2017-03-26 11:00

Durban -  Abalandeli baphoqe u-Owen Da Gama ongumqeqeshi weBafana Bafana ukuba anike i-cap uPercy Tau ongumdlali weMamelodi Sundowns nangempela wangena washaya igoli leli qembu liqumba phansi iGuinea Bissau ngo-3-1  kowesihle izolo ngoMgqibelo ntambama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Amagoli eBafana abhajiswe enethini nguKermit Erasmus obekuyiphenathi ngomzuzu wama-36, uTau ngowama-70 nenye iphenathi ka-Andile Jali ngowama-89.

Ele-Guinea Bissau lishaywe ngu-Aldair Adlai Djalo Balde ngomzuzu wama-78.

Kuphoxile ukufika kwabalandeli abangaphansi kwezi-10 000 kulo mdlalo. Nokho laba abafikile, abebedele imvula ebihambisana namakhaza, bekuthi uma abadlali beBafana abebesebhentshini beyofudunyezwa, bamemeze igama likaTau bethi makafakwe.

UDa Gama ubelokhu ezibile kodwa bangaliphonsa ithawula belokhu bemcelile. Lugobile uphondo kuDa Gama wamfaka endaweni ka-Erasmus obekhuza ibuya emuva kokuzitshwa kulesi sikwati ngesikhathi sisalolongwa ngu-Ephraim "Shakes" Mashaba osanda kuxoshwa. UTau ungene wangaphoxa, walibeka enethini.

Abalandeli bese bejabulela noma yiliphi ibhola ebeliphethwe nguTau ngendlela abamuzwa ngayo. Emuva kwegoli lakhe umlandeli obefake ijezi leKaizer Chiefs uhluleke wukuzibamba waphoseka enkundleni. Ukhishwe ngabaqaphi bodweshu bembambe ngamawashingi.

OLUNYE UDABA:IBafana bafana iyongena esibayeni samabhubesi

Empeleni lo mdlalo uqale ngegiya eliphansi zithengana kubonakala ukuthi zisafundana. Kuphele imizuzu engama-20 zisathengana, onozinti beziphumulele nje kungekho mabhola anzima eza kubona. Nokho iminyakazo yeBafana ibijabulisa kubonakala ukuthi isikwati sixube abadlali abasebancane nabanesipiliyoni.

Ngomzuzu wama-32 iBafana icishe yathola igoli ilidweba yaze yangena ebhokisini uThemba Zwane wajuqa kwasani kodwa washaya ibhola elincane elivinjwe ngunozinti weGuinea Bissau. Ngomzuzu wama-34 uRudinilson Gomes oyisitobha seGuinea Bissau ukeqe ebhokisini uThulani "Cream" Serero, unondweba wangananaza wabeka iphenathi.

Iqulelwe enethini ngu-Erasmus.

Emuva kwaleli goli iBafana ibisiphungwa ngezithebe ingena ngamandla ebhokisini lezimbangi. USerero ubezenzela eshibilika kodwa ahluleke ukuqedela iminyakazo ayiqalile. Kuyiwe ekhefini iBafana ihamba phambili ngo-1-0. IBafana ibuye ngesiwombe sesibili, yaqhubeka lapho igcine khona icindezela.

Nokho neGuinea Bissau ibingasazibekile phansi nayo ingqongqoza emapalini eBafana. U-Da Gama ube esenika uTau i-cap kwiBafana emfaka endaweni ka-Erasmus. Kakuphelanga isikhathi esingakanani uTau engenile wabingelelwa ngekhadi eliphuzi edlalisa kabi umdlali weGuinea Bissau.

UTau ube esenza adume ngakho ukugijima anqamule izitobha watholwa yibhola elihle walibeka enethini okuyilona abingelele ngalo ijezi leBafana. UTau uvele wayiphela endlebeni ezitobheni zeGuinea Bissau zihluleka ukumela indlela abegijima ngayo.

Ngomzuzu wama-88 unondweba ubeke enye iphenathi kudlaliswa kabi uHlompho Kekana. Ibekwe kalula enethini nguJali. Emuva kwale phenathi iGuinea Bissau ebicindezelwe ivele yaphelelwa ngamandla kwaze kwabe uyaphela umdlalo, kubika iLanga langeSonto.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.