'Iphoyisa lathi lizongidedela uma sizibandakanya ocansini nalo'

2017-01-06 13:02

Cape Town – Amaphoyisa aphenya uzakwabo ngemuva kokuba owesifazane wase-Athlone eKapa ethe wadlwengulwa ephindelelwa yiphoyisa ngesikhathi esesitokisini.

Lo wesifazane, 32, waboshelwa icala lokweba impahla esitolo nokutholakala nezidakamizwa ngoNcibijane endaweni yase-Athlone. Njengamanje uvulele leli phoyisa elamubophja icala lokudlwengula.

Amaphoyisa aqinisekise ukuthi inkunzi zamaphoyisa ophiko lwe-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) iphenya udaba.

OLUNYE UDABA: Lishonile iphoyisa eligqokloze ngesibhamu oKhombe

Ngokusho komthombo wamaphoyisa, leli phoyisa lalisebenza ngezithuba zabo-18:00 ngoNcibijane lizoshayisa ngosuku olulandelayo ekuseni ngo-06:00.

Lo wesifazane utshele amaphoyisa ukuthi waboshwa wayovalelwa esitokisini samaphoyisa ase-Athlone. Lapho akhoshwa khona yiphoyisa esitokisini okusolwa ukuthi lamthembisa ukumdedela ngesexwayiso kodwa uma evume ukuzibandakanya nalo ocansini.

Kukholakala ukuthi leli phoyisa labe seliyolanda utshwala langena nabo esitokisini, laphuza kanye nomsolwa. Base bezibandakanya ocansini.

Lo mthombo wamaphoyisa uphinde wathi leli phoyisa lakhipha umsolwa ngaphandle kwesiteshi beya egaraji la ababeyothenga kulo amakani amabili e-energy drink.

umsolwa uthe lesis iphuzo sasimenza alufune kakhulu ucansi, balwenza bephindelela.

Kodwa kunokuthi leli phoyisa ligcine isithembiso salo sokumdedela, lamubuyisela esitokisni. Umsolwa wabikela amanye amaphoyisa ngokwenzeke ngayizolo. 

 - Daily Voice

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.