Iphoyisa lidubule labulala ikhehla

2016-12-14 11:30

Los Angeles – Isikhulu samaphoyisa eBakersfield, eCalifornia, ngoLwesibili sidalule ukuthi ikhehla elineminyaka engu-73 ubudala belingafuni ukukhipha isandla ephaketheni ngesikhathi lidutshulwa yiphoyisa ebelicabanga ukuthi liphethe isibhamu.

Iphoyisa, uReagan Selman, eselinezinyanga ezingu-16 liqale ukusebenza, lidubule uFrancisco Serna amahlandla ayisikhombisa, kusho isikhulu samaphoyisa uLyle Martin esithangamini sabezindaba ngoLwesibili ebusuku.

Umndeni kaSerna uthe leli khehla belingaphilile kahle kanti belivame ukuzihambela ngonyawo, lizivocavoca, njalo ebusuku.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe abafana abahlanu ngokudlwengula omunye

Kuthiwa owesifazane othile ufonele amaphoyisa wawatshela ukuthi uSerna ubehamba emgwaqeni ephethe into ebukeka sasibhamu, kusho uMartin.

Ngesikhathi amaphoyisa efika kuleyo ndawo, owesifazane uwakhombise uSerna.

Ngemuva kwemizuzu engu-20 kuya kwengu-30, uSerna ubelokhu enqaba ukukhipha isandla ephaketheni lejakhethi.

Iphoyisa libe selimdubula lambulala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.