Lizoxilongwa ingqondo iphoyisa elilahlwe yicala lokubulala umsolwa

2017-02-06 07:30

Johannesburg - UConstable Titus Mabela, owalahlwa yicala lokubulala umsolwa endaweni yaseKrugersdorp ngonyaka odlule, ubuyela enkantolo.

Ummeli waleli phoyisa wafaka isicelo ngoDisebemba sokuphikisa isinqumo senkantolo wacela ukuba uMabela ayoxilongwa ukusebenza kwengqondo.

Ozakwabo, uSergeant Puleng Sebetwa walahlwa yicala lokushaya, uConstable Jason Segole yena waphuma phambili kuwona wonke amacala ayebekwe wona.

Lawa maphoyisa amathathu ayebhekene namacala okubulala kanye nawokwephula ingalo yomthetho ngokubulala owayesolwa ngokuphanga uKhulekani Mpanza.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe iphoyisa nonina ngezinsolo zokuduna iloli

Lokhu kuvele ngemuva kokuphuma kwe-video ebonisa uMpanza ebaleka emgwaqeni edubula ebhekise emaphoyiseni waze walimaza nemoto yawo eKrugersdorp.

Lilodwa iphoyisa elabonakale lidubula libhekise kuMpanza owawela khona lapho, kwabe sekubonakala elinye iphoyisa likhahlela lo msolwa eselelephansi.

Ngmva kalokhu kwaqhamuka elinye iphoyisa nelaphinde labonakala selidubula uMpanza esalele phansi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.