Iphoyisa lisindise intombazanyana

2016-07-28 13:32

Johannesburg - Iphoyisa lomgwaqo, uGirschen Grobbelaar, labayiqhawe ngesikhathi lisindisa impilo yentombazanyana ekudlwengulweni iphindelelwa nasekubulaweni.

Lokhu kungemuva kokumisa itekisi ehamba ingakhanyisile.

UGrobbelaar utshele iNews24 ukuthi ngesikhathi emisa itekisi ngezithuba zabo-03:00 ekuseni ngo-Ephreli 10, wayengalindele ukuthola phakathi intombazane eneminyaka engu-14 ubudala, ilimele igcwele igazi.

“Ngangingena phakathi kwamabili, ngemuva kwamahora amathathu ngisemsebenzini ngabona itekisi ihamba kuParklands Main Road ingakhanyisile. Ngayimisa, into yokuqala engayibona ukuthi umshayeli wayengagqokile ngenhla,” kusho iphoyisa.

Funda nalolu daba: Sesinyukile futhi isibalo sabashone ngezikhukhula eKZN

“Ngesikhathi ngikhuluma naye, ngambona ejuluka kakhulu. Ngambuza ukuthi ubephuza utshwala yini, wavuma,” usho kanje.

Ngesikhathi uGrobbelaar ebhekisisa imoto wathola intombazane ngemuva.

“Kwakungathi iqulekile futhi yayinqunu. Ibhulukwe layo lalehliswe labekwa ngasemadolweni. Ubuso bayo babulimele futhi yopha igazi. Ngayibuza ukuthi kwenzakalani kodwa yangitshela izinto ezingahlangani,” kusho  uGrobbelaar.

“Ngambuza (umshayeli) ukuthi ulibangisephi wathi uya eDunoon. Kodwa wayehamba ebheke ngasebhishi. Ngabe sengisola ukuthi ufuna ukuyoyilahla le ngane.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.