Iphoyisa lisolwa ngokudlwengula ingane lidle amankwebevu

2017-10-02 18:00

New Delhi - Iphoyisa laseNdiya likhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngezinsolo zokudlwengula ingane yentombazane eneminyaka engu-7 ubudala, kanti lokhu kusolakala ukuthi likwenze licwile ezinkambeni zikaFaro, kusho isikhulu samaphoyisa ngeSonto.

Kuthiwa ozakwabo baleli phoyisa bahlabe umkhosi kulandela ukuthola le ngane inqunu endlini okuhlala kuyo leli phoyisa e-Uttar Pradesh ebusuku ngoMgqibelo, kusho okhulumela amaphoyisa endawo uSuperintendent Vipin Tada etshela i-AFP.

"Sibe sesihambisa umntwana ukuba ayohlolwa, kanti okwamanje sisalinde imiphumela," kusho uTada.

"Iphoyisa nalo lizohlolwa ukuze kuvele ukuthi ngabe belinkunka utshwala noma cha endlini elihlala kuyo."

OLUNYE UDABA: Kudlwengulwe owesifazane eNdiya

IPress Trust of India ibike ukuthi izakhamuzi ebeziwotha ubomvu zizame ukuhlasela isiteshi samaphoyisa kule ndawo zimelene nalesi sigameko, nokho uTada uthi izakhamuzi zithobe umoya sezizwa ukuthi leli phoyisa liboshiwe.

INdiya inomlando ongemuhle wokunukubezwa kwabantwana ngokocansi, njengoba engu-20 000 amacala alolu hlobo abikiwe ngo-2015, ngokusho kwemiqulu kahulumeni.

Yize leli lizwe seliqinise imithetho yalo mayelana nezigameko zokuhlukumeza ngokocansi kulandela ukuthi kwadlwengulwa owesifazane esebhasini ngo-2012 washona, lezi zigameko zisayinsakavukela umchilo wesidwaba.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

How your dog can tell what you’re feeling

Researchers have found a specific area in a dog’s brain that recognises human faces – a finding that may help to explain why dogs are so sensitive to human social cues.

 

Paws

Share your 67 minutes with animals in need this Mandela Day
Kevin Anderson’s dog is winning at Instagram!
Kim Kardashian-West buys fake testicles to boost her dog’s self-esteem
10 tips on exercising your dog
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.