Iphoyisa lomgwaqo lishayiswe yitekisi ngaseNtuzuma

2016-07-13 16:02

Durban – Iphoyisa lomgwaqo elisebenza ngaphansi kukaMasipala weTheku kubikwa ukuthi libangwa nezibi esibhedlela kulandela ukushayiswa yitekisi ngoLwesithathu ekuseni.

Lesi sigameko senzeke ku-M25 emgwaqeni ochezukela eNtuzuma, enyakatho neTheku.

Ngokusho kokhulumela iNetcare 911 uChris Botha, uthe leli phoyisa belimisa imoto encane kanti lizoshayiswa yitekisi ebihamba komunye umzila, kubika iNorthglen News.

OLUNYE UDABA: Kushayiswe iphoyisa lomgwaqo lashona

“Iphoyisa lisesimeni esibucayi esibhedlela kanti kumanje liphefumula ngemishini. Imibiko esiyithole endaweni yesigameko iveza ukuthi leli phoyisa belimisa imoto kanti lizoshayiswa yitekisi.

“Abosizo lokuqala babe sebelinikeza usizo lwezempilo ngaphambi kokuliphuthumisa esibhedlela esiseMhlanga,” kusho uBotha.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.