Pretoria – Kubikwa ukuthi iphuthunyiswe esibhedlela ngoMsombuluko ekuseni iMeya yaseTshwane, uSolly Msimanga, kulandela ukushiswa intuthu ephume enjinini yemoto, kubika iThe Citizen.
Okhulumela iMeya, uSamkelo Mgobozi, utshele leli phephandaba ukuthi uMsimanga ubesendleleni ebheke ehhovisini lakhe eliseCenturion ngesikhathi ema endleleni ukuze asize umuntu obenenkinga yemoto.
OLUNYE UDABA: Imeya iqashe iRange Rover ebiza u-R150 000 ngenyanga
UMgobozi uthi iMeya ibe isiphuma emotweni yayo yabe isicela ukunikezela ngosizo, nalapho okuthiwa ibe isivula ibhonethi lemoto yalo muntu obesesele dengwane.
Uthi ithe imeya ingavula ibhonethi yahlangabezana nentuthu esagesi nokuholele ekutheni ithole ukusha okuncane.
Kuphinde kwabikwa nokuthi iMeya ibhekane nenkinga yokuphefumula nedalwe ukuhogela kwayo le gesi.
Ibe isiphuthunyiswa esibhedlela, i-Unitas Hospital nokuyilapho ithole khona ukwelashwa.