IPirates idedele umdlali obesethathwa njenge'dlozi'

2016-08-12 14:32

Durban – Kuhlukene inhloko nesixhanti phakathi kukaLucky Lekgwathi ne-Orlando Pirates njengoba kuvele ukuthi inkontileka yakhe ngeke isavuselelwa.

U”Phinda Mzala” oneminyaka engu-40 ubudala, wafika kuleli qembu ngo-2002 eqhamuka kuRia Stars.

Lo mdlali uphakamise inqwaba yezicoco neZimnyama, kanti ngesizini eyedlule akazange abonakale enkundleni ngenxa yokulimala.

Isikhulu sePirates uFloyd Mbele ukhulume neSolezwe waqinisekisa ukuthi ngeke isavuselelwa inkontileka yalo mdlali.

OLUNYE UDABA: Alaziwa ikusasa likaLucky Lekgwathi

“Inkontileka yakhe ngeke ivuselelwe ngoba akekho ezinhlelweni zikamqeqeshi uMuhsin Ertugral,” kusho uMbele.

Uthe azikho izinhlelo zokuthi uLekgwathi anikezwe umsebenzi ngaphakathi eqenjini, wathi ngeke bakwazi ukuqasha wonke umuntu.

“Abantu abayeke ukunikeza abantu ithemba elingekho, ngeke sikwazi ngempela ukuqasha bonke abadlali asebethatha umhlalaphansi eqenjini ngoba nakhu behlale nalo isikhathi eside.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.