IPirates ifuna ukulula inkontileka yomdlali ‘ofunwa’ elase-Egypt

2017-01-19 13:00

Cape Town – Izinkunzi zaseSoweto, i-Orlando Pirates, seziphakamise ukulula inkontileka yomdlali wazo ogijima esiswini, u-Issa Sarr, emizamweni yayo yokuphebeza imibiko yokuthi ufunwa yizinkunzi zase-Egypt, i-Al Ahly.

USarr, owajoyina amaBhakabhaka evela kuPlatinum Stars ngonyaka ka-2014, ubelokhu eyingxenye yesikwati sePirates esiswini, kodwa njengoba inkontileka yakhe isifinyelela ezinyangeni eziyisithupha zokugcina sekuvele imibiko yokuthi izinkuzi zase-Egypt zimconsela amathe lo mdlali.

OLUNYE UDABA: Wonke umuntu ufuna ukuqeqesha iPirates – ogaqele oweBucs

Kodwa-ke omele lo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala, uDenis Idrissa, udalule ukuthi ikilayenti lakhe selivele lenzelwe isiphakamiso sokuthi lihlale kuleli qembu elidlala kuPremiership, nangale kwale sizini.

“IPirates ifuna ukulula inkontileka kaSarr kuze kube u-2019. Ngizokuxoxa nabo uma ngabe sengihambele eNingizimu Afrika,” u-Idrissa utshele iSoccer Laduma.

USarr useshaye amagoli angu-6 emidlalweni engu-79 kumaSea Robbers kusukela awajoyina eminyakeni emithathu eyedlule. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.