IPirates ifuna ukuphendula amatafula

2017-02-08 17:57

Johannesburg - Iqembu le-Orlando Pirates selivumile ukuthi libhacazile esigabeni sokuqala sesizini ka-2016/17, ngakho elizimisele ngakho manje ukuphendula amatafula.

AmaSea Robbers azodlala nePlatinum Stars ngoLwesithathu eRoyal Bafokeng Stadium eNorth West okokuqala kulo nyaka.

IBhakabhaka linqobe kanye emidlalweni yalo emihlanu edlule kanti liphethe unyaka odlule ngokushaywa yiMaritzburg United neBloemfontein Celtic.

Ngaleyo ndlela, leli qembu livumile kwi-website yalo ukuthi lo mdlalo lizimisele ngawo ukuphendula amatafula.

OLUNYE UDABA: Kukhishwe egunyaza ukuboshwa kwesihlabani seChiefs

"IBhakabhaka belisebenzisa ngokuzikhandla ngalesi sikhathi sekhefu kulandela ukungenzi kahle kwalo esigabeni sokuqala. Umqeqeshi u-Augusto Palacios, osekhulume kabanzi ngokulungisa izinkinga zangonyaka ophelile, umile kwelokuthi iqembu liwulungele unyaka omusha.”

Umdlalo wePirates nePlatinum Stars kulindeleke uqale ngo-19:30.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.