IPirates ifuna umdlali weChiefs ‘onganeme’ - Umbiko

2017-06-13 18:00

Cape Town – Sekuvele imibiko yokuthi i-Orlando Pirates inentshisekelo yokusayina umdlali wezimbangi zayo ezinkulu, iKaizer Chiefs, nokunguGeorge Lebese, nobengasitholi kahle isikimu ngaphansi komqeqeshi uSteve Komphela.

ULebese wasusa umsindo ngaphambilini kule nyanga ngesikhathi ebhala ekhasini lakhe likaTwitter nalapho azwakalisa khona ukuthi uzoyishiya iChiefs uma kusho ukuthi uzothola isikimu njalo eqenjini adlala kulona.

OLUNYE UDABA: IKaizer Chiefs iqoke uMabedi njengomsizi kamqeqeshi

Wabhala kuTwitter wathi: “Konke engifuna ukukwenza ukudlala ibhola kungakhathalekile umbala wejezi engiligqokile.”

Ngenxa yalokhu, manje umthombo utshele iphephandaba iCitizen ukuthi lo mdlali odle ngebhola eliya phambili esiswini akaneme neze ngesimo sakhe eqenjini, futhi uzocubungula eyokushiya, nalapho iPirates kubikwa ukuthi ivele isinentshisekelo yokumsayina.

“Ubehlale enganeme kusukela uSteve (Komphela) athatha izintambo ngoba akabukeki ekholelwa kuyena,” umthombo usho kanjalo.

“Ungumdlali omdala eqenjini kodwa wenziwe ukuthi alwele indawo yakhe njengomfana omncane.”

ICape Town City nayo kubukeka sengathi imgaqele lo mdlali, njengoba umnikazi wayo, uJohn Comitis, ebheke ukwakha iqembu eliqinile ngaphansi komqeqeshi omusha, uBenni McCarthy.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.