IPirates ikhishwe ekuseni koweNedbank Cup

2018-03-15 07:32

Johannesburg - I-Orlando Pirates isigqemeke ingozi engeqiwa ntwala ngaphambi komdlalo weNedbank Cup lapho ezotholana khona phezulu neCape Town City njengoba sekuvele izindaba zokuthi uLuvuyo Memela ngeke akwazi ukudlala.

UMemela, abantu abaningi ebebethi kumele afakwe esikwatini seBafana Bafana, kutholakale ukuthi akakelulami ngokugcwele ngesikhathi ehlolwa ngaphambi kokuba balibhekise ekapa ngoLwesibili.

OLUNYE UDABA: URobyn Johannes wexwayisa i-Orlando Pirates

Ngokombiko okwi-website yePirates, uMemela ubethola ukwelashwa kulandela ukulimala eqakaleni emdlalweni wesihle ngempelasonto.

Ithimba lodokotela kwiPirates lisebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi lo mdlali ubayingxenye yomdlalo olandelayo we-Absa Premiership abazowudlala neGolden Arrows ngoMgqibelo ngo-20:15

Lezi zinkunzi zaseSoweto bezidlala neCitizens eCape Town Stadium ngoLwesithathu ebusuku (19:30).

AmaBhakabhaka akhishwe kulo mqhudelwano ngo-1 - 0 ngemuva kokushaywa ngezikaBenni McCarthy nokuyizona ezidlulele phambili.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.