IPirates imincile ngabadlali abamqoka

2017-10-26 12:27

Durban - Ubamba uyayeka umqeqeshi we-Orlando Pirates njengoba kuvela ukuthi umincile ngabadlali bakhe abamqoka. IBucs izobhekana neLamontville Golden Arrows koweTelkom Knockout ngoMgqibelo ngo-15:00 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

UMilutin "Micho" Sredojevic ocija iBucs kuvele ukuthi ubamba uyayeka njengoba uMthokozisi Dube odlala emuva, uMusa Nyatama oyibamba esiswini noThamsanqa "Gandaganda" Gabuza ongumgadli, benokuthinteka.

Kuthiwa sekulindelwe ukuba bahlolwe okokugcina ngodokotela kusasa ngoLwesihlanu ngaphambi kokuba kunqunywe ukuthi bazodlala yini, kubika ILANGA.

"Uma uya emdlalweni omkhulu njengalona udinga bonke abadlali bakho abawumgogodla. Ngimincile nje ukuthi kufike usuku lomdlalo laba badlali sebesesimweni esigculisayo.

OLUNYE UDABA: IPirates ithi uJonevret wehlulwe wumsebenzi

"Amalungiselelo ahamba kahle, siwulindele umdlalo we-Arrows," kusho uSredojevic.

UClinton Larsen ocija i-Arrows uthi izinto zihamba kahle kwezakhe futhi akanalo uvalo ngalo mdlalo wePirates.

"Sesigijime imidlalo engu-9 singahlulwa, lokho kwenza abafana bami bangabi nalo uvalo lokubhekana nanoma yiyiphi ikilabhu abaqhathwe nayo. Nalo mdlalo wePirates siwulungiselele ngendlela efanele, wonke umuntu uwulangazelele.

"Engikuqaphele ngayo ukuthi ihluke kakhulu kunangesizini eyedlule, iyashesha uma ihlasela kanti ngeyedlule ibithatha isikhathi sayo ukuhlasela.

"Kodwa-ke izofika siyihlomele iPirates lokho kangikungabazi. Okuhle nje wukuthi kungase kubuye uNduduzo Sibiya noTrevor Mathiane abebelimele," kusho uLarsen. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.