IPirates iqinisekise ukuhamba kwabadlali kanye nokuthengwa kwabasha

2017-02-02 13:00

Cape Town – Izinkunzi zaseSoweto, i-Orlando, Pirates seziqinisekise ezakamuva ngabadlali abasha kanye nabahambile njengoba sezengeze abadlali abane esikwatini sazo, zaphinde zadedela abane ngesivumelwano sokubolekisa.

Leli qembu selisayinise umdlali waseswini odle ngokuhlasela, uDove Wome, obevela kuSuperSport United, laphinde lasayinisa noMarc van Heerden, uJames Okwuosa, noThembinkosi Lorch.

OLUNYE UDABA: ULekgwathi ufuna kunikwe uBenni owokuqeqesha iPirates

Ngakolunye uhlangothi amaBucs aphinde abolikisa nabadlali abane. UNkosinathi Mthiyane uzojoyina iGolden Arrows, kuthi uJustice Chabalala, uSello Jaftha, kanye noDonald Mokondelela bajoyine iChippa United.

Khonamanjalo, inkontileka yanozinti uFelipe Ovono, nale kilabhu isinqanyuliwe ngokuvumelana kwezinhlangothi zombili.

ABASHA:

• Dave Wome (ubolekiwe)

• Marc van Heerden

• James Okwuosa

• Thembinkosi Lorch

ABAHAMBILE:

• Felipe Ovono (inkontileka inqanyulwe ngokuvumelana)

• Nkosinathi Mthiyane (ubolekiswe kuGolden Arrows)

• Justice Chabalala (ubolekiswe kuChippa United)

• Sello Jaftha (ubolekiswe kuChippa United)

• Donald Mokondelela (ubolekiswe kuChippa United)

AmaBhakabhaka abhekane nomqansa engxenyeni yokuqala yesizini njengoba kuyiwe ekhefini ehleli endaweni yeshumi ku-log nalapho elandela khona emuva ngamaphuzu ayisikhombisa kumaqembu aqhwakele.

AmaBhakabhaka azodlala umdlalo we-Absa Premiership nePlatinum Stars ngoLwesithathu mhlaka-8 kuFebhuwari. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.