IPirates isimemezele umqeqeshi omusha

2017-08-03 13:39

Cape Town – I-Orlando Pirates isimemezele uMilutin 'Micho' Sredojevic njengomqeqeshi omusha wale kilabhu.

NgoLwesithathu ntambama, iBucs ikhiphe isitatimende iqinisekisa ukwesula kobengumqeqeshi wayo, uKjell Jonevret, ngemuva nje kwesikhathi esiyizinyanga esingaphezu kwezinhlanu ekulo msebenzi.

Bese kunesikhathi kusabalele amahlebezi okuthi angahamba noma nini lo mqeqeshi ongowokudabuka ezweni laseSweden, ngemuva kokuthi lezi zinkunzi zaseSoweto zabhaxatshulwa yiSuperSport United ngo-4-1 emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup.

OLUNYE UDABA: Usesulile umqeqeshi wePirates, uKjell Jonevret

USredojevic waba umqeqeshi wokuqala ukuthi ayamaniswe nale kilabhu kulandela ukufika esiphethweni kwenkontileka yakhe neqembu lesizwe lase-Uganda.

UMicho, njengoba edume kanjalo ebholeni, manje usebuyela kulesi sihlalo esishisayo ngemuva kweminya engu-10 ashiya.

Ngaphambilini waqeqesha aMabhakabhaka izinyanga eziyisikhombisa kusukela ngoJulayi 2006 kuya kuJanuwari 2007.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.