IPirates isiphendulile ngolwezidakamizwa

2016-07-27 20:34

Cape Town – I-Orlando Pirates isikhiphe isitatimende ku-website yayo iphendula izinsolo ezithi kunomdlali wayo otholakale nezidakamizwa zohlobo lwe-cocaine egazini.

ISouth African Institute of Drug Free Sports ngoLwesithathu iveze lokhu ngoLwesithathu.

Lezi zinkunzi zaseSoweto zibe seziphendule ngokukhipha isitatimende, zacela abezindaba ukuthi “badedele lolu daba lulandele imigudu efanele”.

OLUNYE UDABA: Kutholakale isidakamizwa egazini lomdlali wePirates – Umbiko

"Kulandela isimemezelo esenziwe yiSAIDS (South African Institute of Drug Free Sports) ethi omunye wabadlali bethu utholakale nesidakamizwa egazini, iqembu liyaqinisekisa ukuthi liyazi ngalezi zinsolo.

“Okwamanje sisalinde ukuthi umdlali avele ngaphambi kwekomidi eliqondisa izigwegwe, nathi sizokwenza olwethu uphenyo,” kufundeka kanje isitatimende.

IPirates ibe isicela abezindaba ukuthi badedele izinhlaka ezifanele ukuba zibhekane nalolu daba ngaphandle kokuphazanyiswa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.