IPirates isishaye ungqimphothwe ngonozinti obesefakwe amasondo

2016-08-12 08:02

Johannesburg – I-Orlando Pirates isiguqule umqondo ngonozinti uFelipe Ovono ukuba abuye azozilolonga neqembu elikhulu, kanti angase athole ithuba lesibili uma lingekho iqembu elimthathayo.

U-Ovono ubengomunye wabadlali abayalelwa ukuba bayozilolonga neqembu lamaBhakabhaka elidlala emazingeni aphansi, ekanye noSifiso Myeni, Rooi Mahamutsa noLehlogonolo Masalesa ngoba bengekho ezinhlelweni zikaMuhsin Ertugral.

Lo nozinti odabuka e-Equatorial Guinea ubengakalitholi elinye iqembu.

OLUNYE UDABA: 'Ngiyamethemba kakhulu u-Ovono epalini'

Ngokusho komthombo ongaphakathi kuPirates, u-Ovono usebuyele ekuzilolongeni neqembu ngaphambi komdlalo wabo nePlatinum Stars koweMaize Cup kule mpelasonto.

"U-Ovono usezilolonga nabanye abadlali kanti kulindeleke ukuba abe yingxenye yeqembu elizoya eRustenburg kule mpelasonto,” kusho umthombo utshela iKickOff.com.

U-Ovono ubanga ijezi noBrighton Mhlongo, Jackson Mabonkgwane noSiyabonga Mpontshane.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.