IPirates iyisithiyo kogaqelwe yiChiefs

2018-01-28 11:08

Durban – Ukhonjwa kwiKaizer Chiefs umdlali ozakhele udumo egijima kwi-Orlando Pirates okumanje ugijima e-Europe.

Inkontileka ka-Andile “Gattuso” Jali odlala esiswini kwi-KV Oostende yaseBelgium iyaphela nale kilabhu uma kusongwa isizini. Kuvela ukuthi i-Oostende kayikathi vu ngendaba yenkontileka entsha yalo mdlali.

Leli phephandaba lihletshelwe imithombo yalo engaphakathi kwiChiefs ukuthi le kilabhu yakwaMotaung izama ngazo zonke izindlela ukuthola uJali.

Kuthiwa ifuna ukuvala isikhala sikaWillard “Salt & Vinegar” Katsande osehanjelwe yiminyaka yobudala.

“IChiefs yiyona ekhombisa ukumfuna kakhulu uJali yize ekhona amanye amakilabhu akuleli nawase-Europe amfunayo.

“IMamelodi Sundowns nayo iyamfuna kodwa kayikhombisi mdlandla ongako. IPirates izithulele nje ngoba igabe ngokuthi uma enquma ukubuyela kuleli uzoqala ku-Irvin Khoza kube nguye omnika izibusiso.

“Nokho cishe konke kuzocaca ngokuphela kwesizini ukuthi kugcina kanjani ngaye kodwa iChiefs yona isike yaxhumana nabaphathi bakhe bakwaProsport International izama ukuthi isayine inkontileka yesibambiso,” kusho umthombo oncikene kakhulu noJali.

Thola udaba oluphelele kwiLANGA LangeSonto.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.