IPirates izosithatha isicoco seligi - Gabuza

2017-01-20 07:45

Johannesburg - Umgadli we-Orlando Pirates, uThamsanqa Gabuza, usethembise abalandeli beqembu lakhe ukuthi isicoco seligi kule sizini sizothathwa yibona.

IBhakabhaka kule sizini liyashisa kwesinye isikhathi libande, nokwenza leli qembu lizithole lilele endaweni yeshumi njengamanje kwi-log.

Nakuba iBhakabhaka lisawine imidlalo emine kuphela kwengu-13 elisayidlalile, lathola amaphuzu angu-18, uGabuza usanethemba lokuthi lizosiwina isicoco seligi.

OLUNYE UDABA: UDolly usevalelisile kuSondowns - Umbiko

Ekhuluma neSoccer Laduma, u"Gandaganda" wethembise abalandeli ukuthi iqembu lizobajabulisa.

“Ngiyazi abanye abalandelei sebelilalihle ithemba, kodwa engizobatshela khona ukuthi, ekugcineni iPirates izosithatha isococo seligi.

"Ngiyakutshela, sizomjabulisa usihlalo (u-Irvin Khoza), abalandeli kanye nabo bonke abathanda iqembu. Iligi yisona sicoco esibaluleke kakhulu futhi yisona esizosilwela,” kusho uGabuza.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.