IPirates izothola ithuba lokuziphindiselela kwiSuperSport

2016-11-07 11:31

Cape Town – I-Orlando Pirates isithole ithuba lokubuyisa izinduku uma ngabe isibhekene neSuperSport United kulandela ukuthelwa ngehlazo ngenkathi ishaywa ngo-6-1 emdlalweni we-Absa Premiership ngesonto eledlule.

Lokhu kuza njengoba amaqembu adlulele esigabeni somzuliswano owandulela owamanqamu aqhathwe ngeSonto ntambama kulandela ukuphothulwa kwemidlalo yesigaba sama-quarter-final.

I-Free State Stars, ekhiphe iKaizer Chiefs kumaphenathi, iqhathwe neCape Town City, yona eshaye iBaroka FC emdlalweni okungene kuwo amagoli angu-7 ngoMgqibelo.

OLUNYE UDABA: Owe-Pirates usolwa ngokutitinya intombi ngesibhaxu

ISuperSport United ikhiphe ompetha beCAF Champions League, iMamelodi Sundowns, kanti izobhekana nalezi zinkunzi zaseSoweto, zona ezishaye iHighlands Park ngo-2-1.

Izinsuku okuzodlalwa ngazo kanye nezinkundla kusazoqinisekiswa esikhathini esizayo.

AmaBhakabhaka azobhekana neSuperSport United engagayelwa mphako kulezi zinsuku kanti ngakolunye uhlangothi ezikaMagebhula nazo zizobe zifuna ukubuyisa isithunzi sazo emuva kokushaywa ngo-6-1 ezikaStuart Baxter.

Lokhu kushaywa kwe-Pirates kuholele ekutheni kwesule isigubhukane obengumqeqeshi weqembu, uMuhsin Ertugral, nowadalula ukuthi uzosula engxoxweni eyayidlala bukhoma kumabonakude emuva nje komdlalo. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.