IPopcru yamukele ukuboshwa kwabasolwa ngokuhlasela amaphoyisa eNgcobo

2018-02-26 09:30

Johannesburg - Inyunyana yamaphoyisa iPolice and Prisons Civil Rights Union (Popcru), yamukele ukuboshwa kwabasolwa abangu-10 ngokubandakanyela esigamekweni sokubulawa kwamaphoyisa amahlanu abengamalungu ePopocru nesosha eselathatha umhlalaphansi eNgcobo e-Eastern Cape.

Le nyunyana ngeSonto yamukele ukutholakala kwezibhamu ezebiwa ngosuku lwesigameko sokubulawa ngesihluku kwamaphoyisa esiteshini samaphoyisa eNgcobo.

Kudutshulwe kwabulawa abasolwa abangu-7 ngesikhathi amaphoyisa egasele esontweni iSeven Angels Ministry ngoLwesihlanu ebusuku. Leli sonto beligcine abasolwa ababandakanyeka esigamekweni sokudubula esiteshini samaphoyisa.

OLUNYE UDABA:Badutshulwe besesontweni abasolwa abayisikhombisa eNgcobo

"Siyakwamukela ukusukunyelwa kwalesi sigameko ngokushesha, ukuboshwa kwabanye abasolwa nokutholakala kwezibhamu ezebiwa esiteshini," kusho uRichard Mamabolo, okhululema iPopcru esitatimendeni.

IPopcru ibonge umphakathi waseNgcobo ngendima eyidlalile kuboshwa abasolwa.

Amaphoyisa adutshulwa abulawa kulesi sigameko nguWarrant Officer Zuko Mbini, 45, iConstables Zuko Ntsheku, 38, iNkosiphendule Pongco, 32, iSibongiseni Sondlana, 32 noKuhle Metete, 27, kanye nesosha eselathatha umhlalaphansi uMbuyizeni Freddy Mbandeni.

Kubikwa ukuthi leli sonto lizohlala livaliwe kuze kuphothulwe uphenyo kanti abazalwane bakuleli bandla bathi bebengazi ukuthi abaholi babo bayizigebengu.

Khonamanjalo i-African National Congress (ANC) National Executive Committee (NEC) idlulise amazwi enduduzo emndenini yamaphoyisa ashona kuhlaselwa esioteshini samaphoyisa.

UKhongolose uncome amaphoyisa ngokuboshwa kwamasolwa wacela nokuthi umphakathi usebenzisane namaphoyisa ukuze isimo sizobuyela esimeni nsaso endaweni.

Abasolwa bavele namuhla eNkanntolo yeMantshi yaseNgcobo.

Kulindeleke ukuba kuvele abasolwa abangu-13 enkantolo, abangu-10 baboshwa amaphoyisa kuthi abathathu bazinikela emaphoyiseni. 



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.