Iqale ngegiya eliphezulu iChiefs ibhaxabula iStars ngo-3-1

2017-02-08 10:00

Cape Town – Izinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs, zithumele umyalezo oshubile emaqenjini agijima kuPremier Soccer League (PSL) ngemuva kokuvulela isibhaxu sika-3-1 kuFree State Stars emdlalweni wokuqala ngqa wokuvula kwesizini ngemuva kwekhefu.

Lo mdlalo we-Absa Premiership ubusenkundleni yezemidlalo, i-FNB Stadium, ngoLwesibili kusihlwa.

OLUNYE UDABA: UBaxter uphika eyokuthi uzama ukuchibiyela isikwati ayedlala ngaso kuChiefs

Ngemuva kokuthelwa isibhaxu, ezikamqeqeshi uSerame Letsoaka, zisale zisendaweni yesibili uma uqala emsileni njengoba zinamaphuzu angu-14 nje kuphela ngemuva kwemidlalo engu-16.

USiphiwe Tshabalala kanye nomgadli uBernard Parker, yibona abashayele aMakhosi amagoli ngesiwombe sokuqala, nokuthe ngesiwombe sesibili kwaqhamuka uWillard Katsande ezoshayela isipikili sokugcina evalela phakathi igoli lesithathu leChiefs.

Ngale kwalo mdlalo weChiefs neStars, nakweminye imidlalo ibilokhu ibhakuzile inethi njengoba iWits ibhaxabule i-Ajax Cape Town ngo-5-0; iCape Town City FC yabhaxabula iHighlands Park ngo-3-0; kwase kwathi iChippa United yona yazigwazela ibhece ishaya iBaroka FC ngo-2-1.

NGOLWESIBILI, FEBHUWARI 7

Wits 5-0 Ajax Cape Town  

Cape Town City FC 3-0 Highlands Park  

Kaizer Chiefs 3-1 Free State Stars  

Chippa United 2-1 Baroka FC  

NGOLWESITHATHU, FEBHUWARI 8

Bloemfontein Celtic v Mamelodi Sundowns - 19:30

SuperSport United v Golden Arrows - 19:30 

Polokwane City v Maritzburg United - 19:30 

Platinum Stars v Orlando Pirates - 19:30

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.