Iqaqe amafindo esizwe saseLangeni iNkosi yamaNazaretha

2016-11-07 10:02

Durban - Iphonsele uhulumeni waseNingizimu Afrika inselelo ngezinhlaka zomphakathi iNkosi yamaNazaretha ohlangothini lwaseKuphakameni yathi makwakhiwe izigcawu zokudodisana ukuthi kungalwiwa kanjani nezidakamizwa notshwala obukhungethe isizwe, kubika iphephandaba ILANGA.

INkosi Vukile "Ncoyincoyi" Shembe kaLonda, kaGalilee ka-Isaiah, isho lokhu izolo ngeSonto eNdulinde eMandeni, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal ngesikhathi yethula intshumayelo emcimbini wokuhlambulula amakhosi eseLangeni,esizweni sakwaMhlongo.

Isizwe sakwaMhlongo besishweleza eKuphakameni ngesenzo senkosi yaso endala, uMthengeni okuthiwa yaxosha uMprofethi Isaiah "Mqaliwendlela" Shembe, yayalela amabutho ayo ukuba abulale ababeqhubeka nokumlandela, ithi makulandelwe ezinye izinkolo.

INcoyoncoyi ithe izinkinga ezingaka ezikhungethe izwe zidalwa wukuthi kazisekho izigcawu zokukhuluma ngezinkinga ezikhungethe izwe. Ithi namuhla intsha ibhukuda etshwaleni nasezidakamizweni, okwenza abantu abadala basale nemibuzo engenazimpendulo ukuthi hlobo luni lwesizwe esizosala uma bona sebedlulile emhlabeni.

"Abazali sekufana nokuthi izingane zabo bazikhulisela utshwala nezidakamizwa manje, ngakho kubalulekile ukuba kwakhiwe ithuba lokuxoxa ukuthi lezi zinkinga kubhekwana kanjani nazo," kusho inkosi.

INkosi Mthengeni kuthiwa yayalela amaNazaretha ngesikhathi sikaMqaliwendlela ukuba angakhonzi kuleli bandla futhi naye uMqaliwendlela angalokothi alubeke olwakhe esizweni sayo.

Kuthiwa kayigcinanga lapho, yayalela amabutho esizwe sayo ukuba abulale labo ababephula umthetho wayo. Lesi senzo kuthiwa sayidalela amashwa inkosi yagcina isiyofuna inhlambuluko kuMqaliwendlela.

OLUNYE UDABA: Bayavela futhi abasolwa ngokudlwengula nokubulala

Icala layo kuthiwa kalihlawulekanga ngenani lemfuyo yayo eyayihambisa kuShembe. Inkosi ebusayo manje kwaMhlongo, uMgwavumeleni Wellington Mhlongo, ithi uyisemkhulu wagcina esenikela nangendodana yakhe uSukuma, ukuba iyohlala eKuphakameni ikhulele khona yenze nemisebenzi yebandla.

Nakhona lapho kuthiwa kalisulekanga ngokuphele icala okugcine ngokuba ize ihambe iyofuna intethelelo eKuphakameni ukuze kuzodlulwa kuleli findo. Ithi bakwenzile konke obekudingeka, okugcine ngokuba kugezwe amathuna kwenziwa nenhlambuluko.

INkosi Mhlongo ithi njengoba kwenziwa konke lokhu, yona imele uyisemkhulu nesizwe saseLangeni. Ohlangothini lwaseKuphakameni, iNkosi Vukile ithi ibimele ukhokho wayo uMqaliwendlela. Ithi inethemba lokuthi njengoba sekwenziwe lo mcimbi, zonke izinto zizolunga manje nalapho bekunesikhalo khona emakhosini akwaMhlongo kuzolunga.

"Kubalulekile ukuthi abantu bangalindi izikhathi ezinzima bengayenzile inhlambuluko. Kumele uma niyenza nonke kube wukuthi nikhuluma iqiniso, kakukho muntu ovalela okuthile ngaphakathi. Nathi nenkosi yakwaMhlongo senze lokho, savulelana izifuba yingakho sinesiqiniseko sokuthi konke kuhambe kahle, nawo amakhosi ayenenkinga namuhla athelelene amanzi," kusho iNcoyincoyi.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.