Iqulu labantu libulale obegqoke izingubo ezebiwe

2017-01-07 08:29

Polokwane – Amaphoyisa aseWesternburg, ngaphandle kwasePolokwane, athungatha abashaye babulala umsolwa esikhumulweni samabhasi ePolokwane ngoLwesihlanu.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Moatshe Ngoepe uthe imininingwane abayithole endaweni yesehlakalo ikhomba ukuthi isisulu besigqoke izingubo ezebiwe.

"Izingubo ezebiwe zibonwe ngumnikazi wazo, nokuholele ekutheni amalungu omphakathi ahlangane, ashaye umufi ngezikhali ezahlukene,” usho kanje.

OLUNYE UDABA: Ikhiphe isibhamu indoda ifuna ukungenela kulayini

Ngesikhathi kufika amaphoyisa nabosizo lokuqala endaweni yesehlakalo, owesilisa ubeseshonile.

"Abasolwa namanje abaziwa, kodwa amalungu omphakathi ayacelwa ukuba asize amaphoyisa ngemininingwane,” kusho uNgoepe.

Uqhube wathi isisulu namanje besingakahlonzwa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.