Iqulu labantu lishaye labulala owesilisa ogwaze i-ex yakhe eKZN

2017-02-10 08:01

Durban – Owesilisa osolwa ngokugwaza ephindelala owayeyintombi yakhe phambi kwabantu erenki yamatekisi KwaZulu-Natal ngoLwesithathu, ushonile ngemuva kokuhlaselwa abagibeli, kusho amaphoyisa endawo ngoLwesine.

Owayeyintombi yakhe yena wasinda.

Isehlakalo senzeke ngezithuba zabo-10:40 ekuseni eTaxi City eRichards Bay, kusho okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele.

UKhosi Khumalo, 30, ubenalo wesifazane owayeyintombi yakhe erenki ngesikhathi kuqubuka ingxabano phakathi kwabo.

Ube esekhipha ummese, wagwaza lo wesifazane amahlandla amane emzimbeni.

OLUNYE UDABA: Bathi zibulawa yindlala izingane zikaSfiso Ncwane

"Amalungu omphakathi abekhona kwenzeka lokhu abe eseyangenelela, agcina eseshaya uKhumalo,"kusho uMbhele.

Laba bangeniswa esibhedlela ukuze bathole ukwelashwa, kodwa uKhumalo washona.

Intombi yakhe yona iyelulama esibhedlela.

Ngokwemibiko evelayo lo wesimame uthe uKhumalo wafika kuyena nokwathi lapho enqaba ukukhuluma naye baxabana, uKhumalo wabe esemgwaza.

Amaphoyisa aphenya ngecala lokubulala nelokuzama ukubulala.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.