Iqulu libulale indoda esolwa ngokubamba inkunzi eThekwini

2017-05-20 07:31

Durban – Indoda okusolwa ukuthi ibambe inkunzi umuntu wesifaznae ibulawe yiqulu labantu eVerulam, enyakatho yeTheku ngoLwesihlanu, kusho iziphathimandla.

"Umsolwa obambe inkunzi owesifazane ubulwe ngemuva kokubanjwa abantu abebekhona kwenzeka isigameko esenzeke kuRepublic Street eVerulam namuhla ekuseni," kusho uPrem Balram okhulumela iReaction Unit South Africa.

Ngokusho kukaBalram, isidumbu sendoda sitholwe sidindilize eceleni kwemoto ephaseji ngasemgwaqeni.

OLUNYE UDABA: Iqulu labantu libulale obegqoke izingubo ezebiwe

"Kuzwakale ukuthi umufi ubambe inkunzi owesifazane wamephuca impahl;a yakhe ngesikhathi ephuma emsebenzini. Amalungu omphakathi okuyiwo abekhona kwenzeka isigameko alandele umsolwa amubamba. Iqulu labantu libe seliqala limngenela ngesibhaxu ngaphambi kokumshiya kanjalo eceleni komgwaqo."

UBalram uthe kukholakla ukuthi le ndoda isibaqedile abantu endaweni, ibagebenga.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala uthe iziphathimandla ziphenya icala lokubulala.

"Kutholwe isidumbu sendoda eneminyaka engu-30 ubudala inamanxeba okushaywa kuRepublic Street. Ihlonzwe njengoshonile endaweni yesigameko. Umufi akaziwa kanti bekungakaboshwa muntu, uphenyo luyaqhubeka."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.