ISABC ichithwe yinkantolo ngoMotsoeneng

2017-02-07 13:00

Cape Town – INkantolo eNkulu yaseWestern Cape isichithe isicelo se-SABC sokunikezwa igunya lokudlulisa isinqumo senkantolo ngobeyisikhulu sayo, uHlaudi Motsoeneng.

IDA yafaka isicelo sokuthi kubuyiselwe eceleni isinqumo sokuqokwa kukaMotsoeneng njengeGroup Executive for Corporate Affairs kanti ngoDisemba inkantolo yanquma ukuthi uMotsoeneng angalokothi aye emsebenzini kungakhathalekile ukuthi uya ngokwasiphi isikhundla eSABC, kuze kube kuphela ukuqondiswa kwezigwegwe, noma ukubuyekezwa kwengxenye ethize yombiko walowo owayenguMvikeli woMphakathi, uThuli Madonsela, ngokuziphatha kwakhe.

OLUNYE UDABA: I-SABC isimnikeze esinye isikhundla uMotsoeneng

Phakathi kwezinye zezinto ezatholwa uMadonsela kubalwa nokuthi uMotsoeneng wahubhuza amanga ngeziqu zakhe zemfundo.

UMotsoeneng wasuswa esikhundleni sokuba yiChief Operating Officer (COO) ngemuva kokuthi iNkantolo yokuDluliswa kwamaCala yachitha imizamo yakhe yokudlulisa isinqumo seNkantolo eNkulu yaseWestern Cape neyanquma ukuthi ukuqokwa kwakhe kwakungafanele yabe isikubuyisela eceleni.

IDA isisamukele lesi sinqumo senkantolo. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.