ISACP eKZN ifuna 'ukuthelelana amanzi' nabaholi be-ANC esifundazweni

2017-12-21 19:30

Durban – Abaholi be-SA Communist Party KwaZulu-Natal sebephakamise ukuthi kube khona "inkomfa yobumbano" ukuze kudingidwe ngzinxushunxushu ezikhona phakathi kwayo nezikhulu ze-ANC esifundazweni.

UNobhala wesifundazwe uThemba Mthembu wenze lesi siphakamiso ngoLwesine, kulandela umhlangano wokugcina wesigungu esiphezulu se-SACP kulo nyaka.

UMthembu uthe ingqungquthela yokukhethwa kobuholi ye-ANC ibatshengise ukuthi iqembu elibusayo lisengakwazi ukulungisa izinto.

Uthe yize kunesimo sokubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwe-SACP ne-ANC esifundazweni, usalishumayela ivangeli lobunye.

OLUNYE UDABA: Hlukanani ne-ANC, i-SAPC itshela umndeni wakwaGupta

UMthembu uthe umbimbi lungasika iphethini kwingqungquthela ye-ANC ekutheni kulungiswe izinto ezingahambi kahle. Uqhube ngokuthi icala elisenkantolo, elaphuma nesinqumo sokuhlakaza i-PEC ye-ANC esifundazweni, lingasetshenziswa ukuzama ukuthi kubuyiswane.

"Kumele sisebenzise leli thuba ukuthi lezi zinhlangothi zombili zihlale phansi zixoxe bese zithelelana amanzi ukuze kubuye ubumbano kwi-ANC kanye nakubantu base-KZN. Yileyo nto wonke umuntu afuna ukuyibona."

Uthe ngesikhathi kuyiwa enkomfeni ebibanjelwe eNasrec, umbimbi belushayeke kakhulu KwaZulu-Natal, ngakho ucabanga ukuthi lesi yisikhathi esihle sokufunda emaphutheni enzekile.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.