ISafa ihoxise ikhadi elibomvu elanikezwa umdlali ngephutha

2018-03-19 18:01

Johannesburg - ISouth African Football Association isimemezele ukuthi ikhadi elibomvu elinikezwe umdlali wasemuva weGolden Arrows uLimbikani Mzava selihoxisiwe.

Unondweba uThando Ndzandzeka wenze iphutha wanikeza uMzava ikhadi eliphuzu okwesibili, nokwenze wathola elibomvu, wabe esekhishwa ngesikhathi i-Arrows yehlulwa yi-Orlando Pirates ngo-2-1 kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo ebusuku.

Kodwa i-SAFA ibuyekeze isigameko, yavuma ukuthi unondweba wenze iphutha, yamemezela ukuthi selilungisiwe.

OLUNYE UDABA: IPirates kayivumanga nobemenywe yiBafana Bafana

"UMnu Ndzandzeka wenze iphutha wanikeza amakhadi amabili aphuzu umdlali we-Arrows uLambikano Mzava. Umdlali weGolden Arrows obekumele anikezwe ikhadi ngokudlala kabi nguMzwandile Buthelezi," ngokusho kwesitatimende.

"Ngakho-ke ikhadi elibomvu elinikezwe uMzava liyahoxiswa ngenxa yokuthi kuphambane izinkomishi kwakinezwa umuntu okungeyena."

Khonamanjalo, uNdzandzeka ubhalele iSAFA evuma iphutha lakhe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.