Isale ingenalutho ingane kamfowabo kaZuma kusha umuzi

2017-01-25 14:32

Durban – Umbani uhlasele endaweni yaseNkandla kwasha kwangqongqa indlu eseceleni komuzi kaMengameli Jacob Zuma ngoLwesibili ntambama.

UMabuyi Zuma, 43, – oyingane kamfowabo kaMengameli Zuma – ngoLwesithathu ulandise iNews24 ngokwenzeke umbani ushaya indlu yakhe KwaNxamalala. 

Ubaba kaMabuyi, uKhanya, ungumfowabo omncane kaZuma, ngokusho kwakhe.

Uthe ubeyedwa endlini ngesikhathi indlu ishaywa umbani ngezithuba zabo-16:30 ngoLwesibili.

"Bekunebhakede eligcwele amanzi endlini, ngalithatha ngawathela emlilweni kodwa ngeshwa uphahla beluphezulu kakhulu (angafinyelela khona).”

UMabuyi uthe ngesikhathi kushaya umbani, kuthungeleka umlilo, ukwaze ukuphuma neselula kuphela.

OLUNYE UDABA: Kulimale ingane,5, iwelwa yisango

"Ngilahlekelwe yikho konke; ngithathe umakhalekhukhiwni kuphela endlini ngoba ubuseduzane.” 

Uthe indodakazi yakhe eyenza uGrade 5, iye esikoleni ingagqoke ngisho umfaniswano wesikole.

Ikhansela lendawo, uBongokwakhe Mbambo, usiqinisekisile isehlakalo.

Uphinde wathi kuneminye imizi emine ecekeleke phansi ngesikhathi kunokuduma kwezulu obekuhambisana nomoya onamandla.

Abezinhlekelele ngaphansi kumaMasipala iKing Cetshwayo bakuqinisikisile ukuthi babikelwe ngesehlakalo bathi bathumele umuntu othile ukuba ayohlola umonakala endaweni.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.