Isalukazi sithole izimali zomyeni waso ngemuva kweminyaka engu-33

2016-08-02 07:30

Daveyton - USomikazi Mnqwazi waseDaveyton, wayeneminyaka engu-53 ngesikhathi umyeni wakhe eshona ngo-1983.

Wayengazi ukuthi kumele afake isicelo sokuthola izimali zomyeni wakhe kwi-Metal Industries Benefit Funds Administrators (MIBFA) kwaze kwaba u-2013 ngesikhathi indodana yakhe ithola ukuthi unina akakaze ayithole le mali.

OLUNYE UDABA:Ukhala uyazithulisa othathelwe indoda ngobezohlola

UMnqwazi uthe umqashi womyeni wakhe wamtshela ukuthi uzomsiza ngokufaka isicelo eMIBFA. Uthi wahlala elokhu ebuza kumqashi kodwa lutho ukusizakala yaze yavalwa nenkampani.

Uthi ngesikhathi efaka isicelo sale mali abakwa-MIBFA bamtshela ukuthi uzothola uR69 632 uma evula i-akhawunti yomyeni wakhe ongasekho kodwa kuze kube yinamuhla abakaze bamnike.

Useze wathola usizo lwabammeli nokuyibona ababelokhu begqugquzela le nkampani ukuthi ikhokhele lesi salukazi, kubika iSowetan.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.