'Isangasithatha isicoco se-CAF Champions League iDowns'

2018-03-22 14:03

Johannesburg - Lowo owayengumdlali weMamelodi Sundowns uRoger Feutmba ukholelwa ukuthi le kilabhu isangasithatha futhi isicoco se-CAF Champions League.

UFeutmba ubeseLoftus Stadium ngeSonto ngesikhathi amaBrazilians eshaya ngo-2-0 ikilabhu yaseRwanda iRayon Sports, yazicabela indlela eya esigabeni semidlalo yamaqoqo okwesithathu iminyaka ilandelana.

Ukuqhathwa kwamaqembu azodlala kweyamaqoqo kwenziwe eCairo ngoLwesithathu ebusuku kanti lo mcimbi ubuthanyelwe ngumqeqeshi weSundowns uPitso Mosimane, osehlonishwa kakhulu e-Afrika.

OLUNYE UDABA: IPirates kayivumanga nobemenywe yiBafana

Ompetha bango-2016, iDowns ifakwe ku-group C kanti izodlala neWydad Casablanca yaseMorocco, iHoroya yaseGuinea ne-AS Togo-Port yaseTogo.

Ngonyaka odlule iSundowns yakhishwa kulo mqhudelwano kuka-quarterfinals ngemuva kokwehlulwa yiWydad.

“Bengisenkundleni [sidlala neRayon] kanti futhi ngichazekile ngibona indlela iqembu elidlale ngayo. Yinhle kakhulu,” kusho uFeutmba.

"Ngiyakholelwa ukuthi bangakwazi ukufinyelela kowamanqamu, ikakhulukazi uma ubuka nje iqembu lonke.”

Aqhathwe kanje amaqembu:

Group A – Al Ahly, Township Rollers, KCCA, Esperance

Group B – TP Mazembe, MC Alger, Difaa El Jadidi, ES Setif

Group C – AS Togo-Port, Mamelodi Sundowns, Wydad Casablanca, Horoya

Group D – Zesco United, Primeiro de Agosto, Etoile du Sahel, Mbabane Swallows

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.