Isangoma sikhala ngamathambo ebiwe yizigebengu

2017-03-13 12:31

Johannesburg - Sikhala ezimathonsi isangoma sesifazane esebelwe amathambo ngesikhathi izigebengu zigqekeza endlini yaso, okwesithathu.

Lesi sangoma sithi unina ongasekho emhlabeni nguyena owasishiyela izikhwama.

UZanele Morudu, 46, waseDaveyton, eKurhuleni, utshele iDaily Sun ukuthi: “Umama uyafika ngephupho, akhulume nami mayelana namathambo anyamalele.

“Ungitshela ukuthi ngisavikelekile, kanti futhi uthi lizobashonela labo abawathathile amathambo.”

Uthi izigebengu zaqala ukumgqekezela ngonyaka odlule, kanti isigameko sakamuva senzeke ngoMgqibelo.

“Sengiwabikele kathathu amaphoyisa, kodwa akukho okwenzakalayo. Amacala (angiwavulile) abawathatheli phezulu,” usho kanje.

OLUNYE UDABA: Usengundingasithebeni ohlukunyezwa yisoka nesihlobo

UZanele uthe ngesikhathi izigebengu ziqala ukugqekeza zeba umabonakude, igumbagumba kanye nezinye izinto.

Uthi okwesibili izigebengu zithathe amanabukeni engane, ukudla, isiqandisi nomabonakude omusha.

“Okwesithathu, bangene endlini bathatha amathambo, umuthi kanye nezinye izinto engazishiyelwa umama ukuba ngisebenze ngazo,” esho.

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uCaptain Kay Makhubele uthe kuyaphenywa ngamacala avulwe uZanele.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.