Isashaqekile imindeni yezingane ezishone zicindezelwa yisigxobo sikagesi

2017-11-07 11:00

Johannesburg - Imindeni yezingane ezinhlanu ezashona eSoshanguve ngoMgqibelo isashaqekile namanje.

Izingane ezineminyaka ephakathi kwengu-5 nengu-12 ubudala zacindezelwa yisigxobo sikagesi esawela kuzo zashona. Njengamanje kuphenywa imbangela yesigameko.

Ubaba wenye yalezi zingane ezashona kulesi sigameko, uthe wayesendleleni ebheke ekhaya ephuma emsebenzini ngoMgqibelo ngesikhathi etshelwa ukuthi indodakazi yakhe, 9, uLethabo, ibingenye yezingane ezingu-5 ezishone kuwa isigxobo sikagesi, ebezidlala emgwaqeni.

OLUNYE UDABA:Kushone izingane ezinhlanu ngenxa yesigxobo sikagesi

Lo baba, uThabo Lebese, uthe indodakazi yakhe ibilungile futhi ibikukhonzile ukudlala. Umama wayo kuvele ukuthi ushone ngenyanga ephelile. 

UTsholofelo noDimakatso Bopapi nabo balahlekelwe yizingane zabo. Lezi zelamani ezisezinhlungwini namanje azikakukholwa okwenzekile.

"Angikho esimeni esikahle, ngizizwa ngintekenteke. Kodwa kufanele ngiqine, ngenzele bona," kusho uSusan Bopapi, ongugogo wezingane.

UBopapi, uthe umzukulu wakhe, uMpho, 5, ubesezothweswa imiyezane enkulisa. "Ubejabulile njengoba bese kusondele lolu suku. Ubenza uGrade R esezoyoqala uGrade 1 ngonyaka ozayo."

UBopapi, uthe lesi sigxobo sikagesi esidale umonakalo kudala sibanikeza inkinga.

"Sekunesikhathi eside, sibika kwamasipala ngalesi sigxobo. Kwafika isisebenzi sakhona sazosibheka sathi konke kuhamba kahle. Basibuyisela kodwa abafana bewunga baganga ngaso.

I-ANC, eTshwane ithi izobhalela uNdunankulu uDavid Makhura incwadi ukuba asize ngophenyo, kutholakale ukuthi yini eyaholela kule nhlekelele yangoMgqibelo.

Umasipala uthe uphenyo lwakamuva luveza ukuthi ukwebiwa kwamakhebula yikho okudale le ngozi.

 - eNCA

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.