ISave SA neDA bagxeke ukudayiselwa kukaManyi isiteshi nephephandaba labakwaGupta

2017-08-21 19:28

Cape Town – Inhlangano iSave South Africa kanye neDemocratic Alliance (DA) sebezwakalise ukukhathazeka ngesinqumo somndeni wakwaGupta sokudayisa isiteshi sikamabonakude i-ANN7 kanye nephephandaba i-The New Age (TNA), bedayisela uMzwanele Manyi. 

Inkampani yabakwaGupta, i-Oakbay Investments, imemezele ngoMsombuluko ukuthi uManyi – esebenzisa inkampani entsha esungulwe ngoJuni – uthenge lezi zinkampani zezindaba ngesamba semali esingu-R450m ngesivumelwano sokubolekwa imali yiwona lo mndeni wakwaGupta.

OyiTrading Specialist, uMusa Makoni, uchaze ukuthi i-vendor financing usizo lwemalimboleko olunikezwa ngumnikazi webhizinisi, ukuze kukhokhelwe ukuthengwa kwezimpahla zalo ngumthengi.

OLUNYE UDABA: AbakwaGupta sebedayise isiteshi i-ANN7 kanye nephephandaba i-The New Age

“Ngokujwayelekile, umthengi ukhokha inani lokuqala kanti imali esele, engase ibandakanye inzalo, ikhokhwa ngesikhathi okuvunyelwene ngaso, ngezinkokhelo ezahlukene okuvunyelwene ngazo kancane kancane,”  utshele iFin24 ngoMsombuluko.

I-Associate Editor yeMail & Guardian, uPhillip de Wet, ukhulume noManyi ngoMsombuluko, nothe iTimes of India isenengxenye engu- 7% wengxenye yabunikazi bamasheya “esele” kwi-TNA, ngesikhathi abaphathi bona beno-10%. “Ngale kwalokho konke okwakhe,” ubhale kanjalo kuTwitter.

Kodwa-ke iSave South Africa ithi lokhu kuthenga kuwukudidisa nje ngobuso futhi “kuyihlazo embonweni wokufukulwa kwangempela kwabantu abamnyama kwezomnotho.”

“Lokhu ‘kudayiswa’ kwethuluzi lezinkoleloze zabakwaGupta …UManyi uyisibonelo esishaqisayo sokuthi uJacob Zuma kanye nabangani bakhe bakhuluma ngani uma ngabe bekhuluma ‘ngoguquko olusheshayo lwezomnotho’,” le nhlangano, eholwa nguSipho Pityana, isho kanjalo esitatimendeni.

Okhulumela iDA, uPhumzile Van Damme, utshele iFin24 ngoMsombuluko, ukuthi leli qembu likhathazekile ngalokhu kudayiswa.

“Ngokweso labezindaba, iDA ikhathazeke kakhulu ngalokhu kudayisa uma ngabe ubheka ukuthi uManyi uyi-ANC ngokuphelele (futhi uhlangothi lukaJacob Zuma, ikakhulukazi),” usho kanjalo. “Uzoqedela izinga eselivele liphansi le-ANN7 kanye ne-TNA.

Le nhlangano ithi ikhathazekile ngokuthi i-TNA ibukeka yesekwa yizimali zikahulumeni nokuthi kungenzeka uManyi atholele i-TNA kanye ne-ANN7 ezinye izimali kuhulumeni. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/World
 

Our top picks for doggo post of the week

All the best social media shared posts about our favourite furry friends!

 

Paws

Meet the unstoppable two-legged cat taking over the interwebs!
10 foods you should NEVER feed your dog!
Pet owners are spending thousands on animal birthday parties! Here’s why…
WOOF Project: The pop-up dog adoption station
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.