Isekela lemeya e-KZN livikele ukubulawa kwenja ngesihluku

2017-12-01 12:31

Durban - ISekela leMeya livikele ukubulawa ngesihluku kwenja ebifa izinhlungu ngesikhathi iduthsulwa amahlandla amaningi yindoda phambi kwezingane KwaZulu-Natal.

ISekela leMeya yaseMthonjaneni uPhilani Ntombela obegqoke isudi egqugquzela umdubuli kule video yalesi sehlakalo esesisatshalaliswe izwe lonke.

Indawo yaseMthonjaneni yindawo kamasipala ongaphansi kwesiFunda iKing Cetshwayo eMelmoth ephethwe yi-IFP.

Kule video, indoda ephethe isibhamu ibhekisa isibhamu ibonakala idubula inja endleleni yesizulu endaweni yasemakhaya amahlandla amane kodwa ingafi.

OLUNYE UDABA:Lizifake ehlazweni isekela leMeya elisolwa ngokweba

Abantu abebebukele bezwakala bechwaza, uNtombela yena ebukele. Ngesikhathi inja igcina isifile, ababtu abebebukele bayahamba kodwa bazame ukufihla ubuso babo njengoba kwakukhona owayeqopha isigameko. Umfana osemncane ube esesika intambo emqaleni ngommese.

Enye indoda ebonakala kwivideo ibonakala iphethe isibhamu esincane.

UNtombela ube esehamba eyongena emotweni yohlobo lwe-Toyota Fortuner ebipake eceleni komuzi.

UNtombela usivikele isinqumo sokudutshulwa kwalesi silwane ngesikhathi eshayelwa ucingo ngoLwesihlanu wathi isigameko sesenziwa esepolitiki.

Ukuqinisekisile ukuthi uyena obonakala kule video nokuthi ngunogada wakhe odubula inja.

"Ngiyazi ukuthi le nto iyaphi. Isiyipolitiki," usho njalo etshela abeTimesLive.

"Leya nja iwuhluphile umphakathi. Ibidla imfuyo yabantu.Yadla nezimbuzi zami ezazihulelwe. Uma ubhekisisa ivideo, uyabona ukuthi nomnikazi wayo ukhona, okunguye owasinika imvume ukuba siyibulale," usho njalo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.