Isekude ukuphela inkinga kagesi eGoli

2017-09-07 19:29

eGoli – Izindaba ezingezinhle kwizakhamuzi kanye nakosomabhizinisi abazinze edolobheni iGoli abakhinyabezwe wukungabi bikho kukagesi kusukela ngoMgqibelo.

AbakwaCity Power bathi le nkinga yenziwa yizigebengu ezebe amakhebula kagesi ngempelasonto njengoba kubonakala ukuthi zishise amanye amakhebula ngesikhathi zenza lokhu.

Lokhu kushiye izindawo eziningi eGoli zingenawo ugesi kodwa umasipala uthi umatasa nemizamo yokusilungisa lesi simo.

Lo masipala uthi kuzokuba ngumsebenzi onzima njengoba kwenzeke endaweni ewumhubhe.

USol Masolo okhulumela iCity Power uthe: “Le ndawo iwumhubhe omncane kanti yilapho okushe khona amakhebula amaningi ngakho-ke maningi amoshekile. Umonakalo odalekile ulinganiselwa ebangeni elingu-9km.”

UMasolo uthe inkinga enkulu wukuthi maningi amakhebula ekhopha ikakhulukazi kuleli dolobha, kulula ukuthi abantu bawantshontshe.

OLUNYE UDABA:Libagojele abebesolwa ngamacala okukokotela ugesi

Ngokubika kwe-Jacaranda FM, osomabhizinisi abasebenzela kuleli dolobha kanye nabahlali bayakhala ngokuhamba kakhulu kukagesi.

Kuleli sonto, osomabhizinisi bathi balahlekelwe yimali eningi ngoba abakwazi ukwenza lutho ngaphandle kukagesi.

Usomabhizinisi othunga aphinde adayise izimpahla uthi uxabane kabi nelinye lamakhasimende akhe lifuna i-oda lalo.

Leli khasimende lifike lathola ukuthi akaqedanga ukusebenza ngoba ugesi ubungekho kanti u-90% womsebenzi awenzayo udinga ugesi.

Omunye owesimame onekhishi lokudla edolobheni, uthi umndeni wakhe uzobulawa yindlala ngoba ukudla kuzobola efrijini kanti akukho nendlela yokuthi angapheka njengoba ugesi uhamba cishe nsukuzonke kuleli dolobha.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.