Isendaweni ephephile ingane ezwakale ikhala ehlathini ePE

2017-11-16 11:00

Port Elizabeth  - Ingane yentombazane ebishiywe ehlathini eWalmer, ePort Elizabeth, itholwe ngemuva kokuzwakala ikhala.

Le ngane itholwe ngabantu abebedlula ngendlela okuyibo abayizwe ikhala, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngoLwesithathu.

Izithandani ebeziphuma esontweni zizwe le ngane enamasonto angu-6 izelwe ikhala, zayithola igoqwe ngengubo, kukhona isikhwama sayo eduze kwayo, kusho okhulumela amaphoyisa uColonel Priscilla Naidu.

OLUNYE UDABA:Kutholwe ingane ethoyilethi lomgodi

"Esikhwameni bekukhona imithi yengane ebhalwe igama likamama wayo. Lezi zithandani zithathe le ngane zayihambisa esiteshini samaphoyisa aseWalmer lapho ezifike zabika khona isigameko," kusho uNaidu.

Le ngane ihanjiswe endaweni ephephile. Amaphoyisa aphenya icala lokulahlwa kwengane. Imbangela yalokhu isaphenywa.

UNaidu uthe amaphoyisa abe eselandela imininingwane ebhalwe emithini yengane; okunguPhelokazi Gxoyiya. Kukholakala ukuthi uhlala e-Addo.

Ucele noma ngubani ongase abenosizo ngokutholakala kukamama wale ngane ukuba axhumane namaphoyisa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.