Isenkantolo indoda esolwa ngokudlwengula isisebenzi sasendlini

2018-03-22 14:03

Pretoria - Indoda yasePitoli esolwa ngokudlwengula isisebenzi sasendlini nokusiphoqa ukuba sizibandakanye ocansini nezinja zayo iyavela namuhla eNkantolo yeMantshi yaseBronkhorstspruit.

Namuhla kuzolalelwa isicelo sayo sebheyili okokugcina.

UWillem Kroukamp ubhekene namacala ayishumi okubalwa kuwo ukudlwengula, ukuthumba, ukunukubeza ngokocansi nokucekela phansi impahla.

OLUNYE UDABA: Uyavela osolwa ngokudlwengula isisebenzi sasendlini

UKroukamp uwaphikile amacala egcina ukuvela enkantolo, waveza ukuthi wayenobudlelwano nalo wesifazane ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

Uthe lo wesifazane wayesebenzela abazali bakhe eBronkhorstspruit, empumalanga yePitoli.

Inkantolo kulindeleke ukuba ithathe isinqumo ngesicelo sayo sebheyili uma sekulalelwe iziphakamiso zokugcina zebheyili namuhla (ngoLwesine).

 - SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.