Isesimeni esibucayi indoda edutshulwe abaduni

2016-07-13 10:01

Johannesburg - Kumbulwa kwembeswa endodeni esibhedlela saseGili kulandela ukudutshulwa nokushiywa esigangeni eduzane naseVlakfontein, kusho abosizo lokuqala.

Okhulumela abe-ER24 uChitra Bodasing uthe kukholakala ukuthi le ndoda idunelwe imoto. Itholwe inamanxeba amaningi okudutshulwa esigangeni ekuseni ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA: Kumbulwa kwembeswa koshayiswe yimoto kufreeway

"Kukholakala ukuthi le ndoda idunelwe imoto ngoLwesibili (izolo) ebusuku kant abasolwa kusolwa ukuthi bayishiye esigangeni bayidubula," usho njalo.

"Abosizo lokuqala bafike endaweni yesigameko eduzane nakuGolden Highway eVlakfontein bayithola ilele phansi. Ihloliwe yatholakala ukuthi isesimeni esibucayi."

"Le ndoda okukholakala ukuthi ineminyaka ebalelwa kwengu-30 budala ixilongwe endaweni yesigameko yabe isiphuthunyiswa esibhedela," kuqhuba uBodasing.

UBodasing uphinde wathi amaphoyisa ayaluphenya udaba>

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.