Isesitokisini indoda ebifunelwa elokubulala e-KZN

2017-08-16 07:02

Durban - Igcine ikhalelwe ngamasongo kaSigonyela indoda ebifunelwa icala lokubulala "nokuba wuhlupho emphakathini".

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele esitatimendeni ngoLwesibili uthe, uMkhanyiseni Dlamini, 23, uvele ngoLwesihlanu eNkantolo yeMantshi yakwaMaphumulo ngecala lokuzama ukubulala. Uzogcinwa esitokisini aze aphinde avele enkantolo ngomhlaka-24 Agasti 2017.

UDlamini, ubefunwa ngabaseshi baseNsuze ngamacala okusolwa ukuthi wawenza eMahlabathini naseBhamshela.

OLUNYE UDABA:Iboshiwe indoda ngezinsolo zokushisa umuzi wentombi

"UDlamini ubandakanyeka ecaleni lokubulawa kukaNkosingiphile Gcina owatholwa enamaxeba okudutshulwa endaweni yaseMahlabathini, eNsuze, ngoFebhuwari kulo nyaka nokudububula owesilisa oneminyaka engu-24 ubudala owahlaselwa erenki yamatekisi ngenyanga edlule.

"Uyabandakanyeka nasecaleni lokubulala ngemuva kokuboshelwa ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanti kulindeleke ukuthi avele naseNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma.

"Ungumuntu wesibili oboshelwe la macala kanti ayesebenzisana naye naye usesitokisini."

UMbhele uthe: "Umsolwa udume kakhulu ngezinsolo zokuhlukumeza umphakathi waseNsuze, kwaNgcongangconga naseBhamshela ngokusabisa ngesibhamu, ukudubula emoyeni phakathi kwemizi nokuwubamba inkunzi ewukhombe ngesibhamu, ewusabisa ngokuwenza unyamalale uma uke wabika ngaye emaphoyiseni."

 - The Mercury

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.