Isexwayiso ngezimvula ezinamandla kuleli sonto e-KZN

2017-09-26 16:02

Durban - UNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uNomusa Dube-Ncube, uqinisekise imiphakathi ukuthi ithimba lezenhlekelele livivile njengoba kuza izimvula ezinkulu.

Isimo sezulu esingesihle siqale ngoMsombuluko ezingxenyeni ezisempumalanga nasenyakatho nesifundazwe kanti kulindeleke ukuba siqhubeke kuze kushaye uLwesine.

OLUNYE UDABA:Isimo sezulu esishubisa umnkantsha kuleli sonto

UDube-Ncube unxuse izakhamuzi esitatimendeni ukuba ziqikelele njengoba izimvula ezinkulu zidala ukuthi abashayeli bangawuboni kahle umgwaqo.

Uphinde wathi abantu abahlala ezindaweni eziphansi bayacelwa ukuba baqaphele njengoba kungase kube nezikhukhula.

Lezi zimvula ziza nje, emasontweni amabili edlule isiphepho sishiye kukhalwa ezingxenyeni eziningi zesifundazwe, lapho okwadilika khona imizi yabantu kwalimala izimoto nokunye okuningi.


 - The Mercury

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.