Iseyindida eyokushona kwendodana kaMengameli elunywe yinja

2017-02-02 11:30

Gambia - Igcine ibulewe inja okuyiyona eyahlasela indodana kaMengameli waseGaimbia, u-Adama Barrow, egcine ngokushona.

UHabibou, 8, ongomunye wezingane ezinhlanu zalo mengameli, ushone ngemuva kokulunywa yinja ngesikhathi ubaba wakhe esalwela ukuthatha isikhundla sakhe sobumengameli njengoba umengameli obephethe ebenqaba ukwehla esikhundleni.

Kwaqubuka udlame kuleliya lizwe  ngenxa yokuthi uMengameli uYahya Jammeh wayengafuni ukushiya lesi sikhundla ukuze kungene uBarrow owadla umhlanganiso okhethweni lwangoDisemba.

OLUNYE UDABA:Kuthiwa ‘webe’ izizumbulu zemali uMengameli obesephuma

Ukushona kwale ndodana ngesikhathi esibucayi kangaka kwenze abantu baba nezinsolo eziningi ngokuhlaselwa kwayo.

Yize ukuhlolwa kwenja elume uHabibou kuveza ukuthi ibingenakho ukugula inja, kodwa odokotela bezilwane babone kungcono ukuba ibulawe.

"Sibone kungewona umqondo omuhle ukuthi le nja iqhubeke nokucanasa emgwaqeni ngemuva kokudala lo monakalo," kusho owophiko elibhekelele izilwane ngaphansi koMnyango wezoLimo, wacela ukungadalulwa igama.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.