Ishayiswe yimoto impumputhe eyebelwe imithwalo kanye nenduku

2016-11-04 14:30

Ladysmith - Uphuthunyiswe esibhedlela owesilisa kulandela ukushayiswa yimoto kumgwaqo uKandahar.

Kusolakala ukuthi lo mlisa oyimpumputhe ubesanda kugetshengwa wathathelwa imithwalo yakhe ngisho induku ahamba ngayo.

Ngokwemibiko yeLadysmith Gazette, kuthiwa lo wesilisa ubehamba ephuthaza ngesikhathi engena emgwaqeni kuqhamuka imoto yase iyamshayisa.

Abosizo lokuqala bafike endaweni yesigameko bathola owesilisa elimele. Uthole usizo lwezempilo kule ndawo ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela.

OLUNYE UDABA:Ukubayimpumputhe akungenzanga ngasonga izandla

Kwesinye isigameko, zikhala ngokunganakwa izelamani ezikhubazekile u-Annah, 37, kanye noSarah Mahosi, 35.

Lezi zelamani ziphazamisekile engqondweni kanti futhi zihlala emkhukhwini oyigumbi elilodwa.

Azikaze zisebenze empilweni yazo kanti nalo mjondolo zawakha ngemali yesibonelelo sikahulumeni. Imali yesibonelelo sengane kaSarah iyona mali abaziphilisa ngayo.

Lezi zelamani zicela umphakathi ufake isandla ngalokhu ongalekelela ngakho ukuze impilo yzo ibe ngcono.

 


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.