Ishe yangqongqa imoto enxanxatheleni yezitolo eThekwini

2016-12-21 12:31

Durban - Izihambanga kahle izinhlelo zabathengi abebefuna imititilizo eMusgrave Center ngesikhathi kugqamuka ilangabi emotweni ebipakwe phakathi kule nxanxathela yezitolo.

Isakhamuzi saseMorningside esifike kule ndawo ngaphambi kwalesi sigameko sitshele abeBerea Mail ukuthi besilokhu sinukelwa wuphethiloli ngesikhathi sifika.

“Bengicabanga ukuthi lo phethiloli ubunuka emotweni ephambi kweyami ngoba bekungumhlobo wakudala. Zimbili izimoto ebezipake ngakwesokudla zikhanyise amalambu," esho.

UCherlaine Matthysen uthe uthukile esebona kugqamuka ilangabi emotweni ebiseduze kweyakhe.

OLUNYE UDABA:Usindile oshelwe yimoto esanda kufika emsebenzini eRichards Bay

“Ngihlehlele emuva ngokushesha ukuze ngithole indawo ephephile. Bekukhona nabanye abantu abebebaleka bememeza."

Uqhubeke wathi bekunesiminyaminya esikhulu sezimoto ebezimlandela ngemuva ngoba abanye abashayeli bebengaboni ukuthi kukhona okungahambi kahle.

“Bebelokhu beshaya amahuthi befuna sisuke endleleni bengaboni ukuthi siyabaleka. Abashayeli abaningi babone isiqhuma le moto ukuthi kukhona okungahambi kahle,” kuphetha yena.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.