Ishile ingane edonse iketela elinamanzi abilayo enkulisa

2017-08-29 18:01

Pretoria - Ithole amanxeba amabi okusha ingane enezinyanga ezingu-8 izelwe enkulisa eseRjetfontein, ePitoli, ngemuva kokuwelwa yiketela ebeligcwele amanzi abilayo.

Isigameko senzeke enkulisa i-Incredible Nursery kanti ngokusho komnikazi wenkulisa, ingane uNaledi Dhlamini ishe ngemuva kokuba uthisha wayo eyibeke phansi.

Le ngane ibe isigaqela ngaseketeleni yafika kulo yalidonsa, lawa yabe isithelwa amanzi abilayo.

OLUNYE UDABA:Ishonile ingane okusolakala ukuthi ikhingcwe wubisi enkulisa

Umama wengane uDisebo, ukhulume ngesigameko wathi kubuhlungu ukubona ingane yakhe isezinhlungwini ngenxa yobudedengu benkulisa.

"Ngihlukumezekile njengomzali wengane, ikakhulukazi ngesikhathi sengiyihambisa esibhedlela sekumele iyohlinzwa ngoba amanxeba ayo emabi kakhulu," usho njalo.

UDisebo uthe ubethukulethe futhi efuna ukwazi konke okwenzekile mayelana nalesi sehlakalo.

Umnikazi wenkulisa, uWin Van Rensburg, uthe isigameko bekungafanele senzeke futhi abantu ababili abebekhona ngaleso sikhathi baxoshiwe ngemuva kokuthi betholakale necala lobudedengu.

UMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi eGauteng uqinisekise ukuthi le nkulisa ayibhalisiwe, uNgqongqoshe uNandi Manyathula-Khoza uqhube ngokuthi uvakashele kule nkulisa eyophenya.


 - Pretoria News

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.